U-GEMS uzinikele ekuletheni ukunakekelwa kwempilo eduze nawe. Senza yonke imizamo ukukuhlinzeka kanye nomndeni wakho ngezinzuzo zokunakekelwa kwempilo ezinhle nangamareythi angambi eqolo. Phezu kokwehla komnotho, sinentokozo yokubika ngokunyuka kwamareythi omnikelo wethu ka 2010 acishe abe ngu 0,50% ngaphansi kwalawo ka 2009. Ukunyuka komnikelo okuphakathi nendawo kwango 2010 ngu 10,8% ohambisana nohlu lwezithuthukisi zezinzuzo eziheha kakhulu. Okubalulekile, amareythi awazange ethulwe ngokuzihambela wodwa kodwa ahambisana nokunyuka okugqamile ezinzuzweni.
Amaholidi akithina futhi umqondo wami uthi lawa kuzoba AMAHLE kakhulu! Izulu liyashisa, izulu liduma kakhulu, umnotho uyakhula kanti sonke sisebenze kanzima ukuphumelela ku 2009. Ukugubha okugcwele uhleko nentokozo kuaydingeka! Nginifisela okuhle Onyakeni Omusha futhi ngiyanikhuthaza ukuthi nibuyele emsebenzini niphumule kahle futhi nivuselelekile ngo 2010.
Okokugcina, ngiyanibonga ngobulunga benu obuqhubekayo bakwa-GEMS kanye neziphakamiso ezinhle enizenzile ngo 2009. U-GEMS ukhonela amalunga akhe kanti yila malunga enza u-GEMS abe muhle!
Njengoba nazi, inkethi ngayinye yenzuzo yakwa-GEMS inamathebula eminikelo agxile emholweni ukuze abahola kancane abasebenza kuMasevisi Omphakathi bakwazi ukuthola inkethi ethile yenzuzo. Umnikelo okhokhwa ibhendi ngayinye yomholo kwinkethi ngayinye wachazwa ebhukwini lamalunga elincane lika 2009 amalunga alithola ekuqaleni konyaka. Uma umholo welunga unyuka onyakeni, lingathola ukuthi ibhendi yomholo walo iya phezulu bese kuba ukuthi kufanele likhokhe umnikelo ophakeme okungukunyuselwa esikhundleni, ukuhlelwa kwebhendi yomholo, izindleko zokuphila zonyaka, ukunyuswa kwamaholo kanye nama-OSD. Ukuhlelwa kwemiholo kudale ukunyuswa kweminikelo yesikimu sezokwelapha kumalunga amaningi, njengoba ukuhlelwa kwemiholo kuwabeke kwibhendi yomholo wakwa-GEMS ephezulu.
Sicela usishayele ku 0860 00 4367 ngemibuzo ongaba nayo.
U-GEMS usesungule isisekelo senzuzo ephelele okusetshenzelwa kuyo futhi akulula ukuthuthukisa into eyaziwa yonke indawo njengephakheji ehamba phambili. Ngokuba neqiniso ekwaziseni ukugobeka nokusungulwa kwezinto ezintsha zeSikimu, sithole izindlela ezimbalwa zokuqhubeka nokuqinisa ukunikwa kwezinzuzo ngo 2010.
Okusha: Inzuzo Yokuphila Kwengqondo kubandakanya ukulashwa kwengqondo ngaphandle kwesibhedlela, kuncike emikhawulweni ephelele yasesibhedlela.
Okusha: Amasevisi amazinyo: Ukulashwa kwamazinyo kwangaphakathi esibhedlela kwabelwana nokulashwa kwamazinyo kwangaphandle kwesibhedlela (U R2 050 wongaphansi kwakho ngamunye ngonyaka).
Umkhawulo ezintweni ezisebenza ngogesi zokwelapha nezokuhlinza uphindwe kabili.
Ukuthatha imithi ugoduke nayo (TTO) kuncike ezimalini ezikhona kwi-PMSA.
Inzuzo ye-Block inyuke yafika ku R2 820 ngongaphansi kwakho ngamunye kanti iwu R5 640 ngomndeni ngamunye.
Okusha: Umkhawulo ongaphansi owu R735 wemithi eqondene nawe wethuliwe.
Okusha: Uhlu lwemithi evunyiwe yezifo eziqhubekayo oluphelele lusebenza ngaphakathi nangaphezu komkhawulo.
Okusha: Inzuzo ye-Block yokulekelela ewu R7 000 ngongaphansi kwakho ngamunye eminyakeni emibili iyengezwa. Imikhawulo emincane (engaphansi) iyasebenza. Lenzuzoelekelelayo iyatholakalaKulokhuokulandelayo:amasevisi amazinyo (ngaphandle kwesibhedlela), amasevisi amehlo, amasevisi ezempilo ezihlangene ne i-radiology(ama-eksireyi) eyisisekelo.
Inzuzo yezinto ezisebenza ngogesi zokwelapha nezokuhlinza iphindwe kabili.
Okusha: Umkhawulo ongaphansi (omncane) owu R1 150 wemithi eqondene nawe wethulwa.
Inzuzo yezinto ezisebenza ngogesi zokwelapha nezokuhlinza iphindwe kabili.
ngokuphatheka kahle kwakhe. Ukhethe i-Cape Town njengendawo azoyivakashela.
Impelasonto yethu ibimnandi kakhulu! Yonke into ibiyinhle kakhulu! Umlingo emilingweni - umama wami, ophethwe isifo sikashukela, unesilonda esingapholi. Emva kokuthi u-GEMS enze akwazi ukuvakashela olwandle, manje sesipholile! Ngiyabonga GEMS! Uhambo beluthandeka futhi sifunde okuningi ngedolobha e lihle laseKapa i-Mother City.
Umshini wokubala ubekelwe ngendlela yokukusiza njengophawu ekhasini lasekhaya Nakwibhathini lekhasi ngalinye kwiwebhusaythi. Uyatholakala futhi Ngaphansi kwemenyu yomcibisholo okhomba phansi "Amalunga" uma uthanda ukusebenzisa le nkethi.
Bala iminikelo yakho ngokukhetha umholo wakho nenani labangaphansi kwakho abadala nabancane emndenini wakho.
Umshini wokubala uzokunika iminikelo ephelele ekhokhwayo kuzo zonke lwa imali yokwelekela yomqashi ku 75% ke emikhawulweni esebenzayo. Sicela nazi labo basebenzi abathola imali yokwelekela.
Sifuna ukuqinisekisa ukuthi udokotela wakho uhlala engumhlanganisi wonakekelo lakho futhi ukuhlinzeka ngemithi eyifanele imali. Kunezinto eziningi ezinhle ngokuhambela udokotela weNethiwekhi yakwa-GEMS.
Ngeke ukhokhele amalevi nezindleko ngemali yakho.
Bonke odokotela bamaNethiwekhi akwa-GEMS bazimisele ukuthi isifunda sabo sokusebenza sifakwe iphrofayli ne, lapho kudingeka, ukwamukela umhlahlandlela kozakwabo (ukwelulekana kontanga) ukwenza ngcono ukunikezelwa konakekelo olubiza kangcono.
Odokotela abanephrofayli futhi abazizuzele isikhundla esiphakeme baklonyeliswa ngemali yokubona udokotela ephezulu ekhokhwa ngobucayi futhi ayisizo izindleko owengezelwe zona.
izinzuzo obunikwa zona.
bexoshelwe ukungaziphathi kahle; noma bejoyina esinye isikimu sezokwelapha. Ngokomthetho akekho ovunyelwe ukuba ilunga lezikimu zokwelapha ezimbili ngesikhathi esisodwa.
Uma kwenzeka uqhubeka nokusebenzisa ikhadi lakho lelunga emva kokusula amakleymu bese ekhokhelwa, kuyomele ukuthi ubuyise leyo mali uma izinsuku zokusula zikhonjiswa kumarekhodi ethu.
Kwenzekani ezincwadini zami zemithi yesifo esiqhubekayo uma ngisula kwa-GEMS?
Ukwehlisa isisindo akusilo nje isu elihle uma ufuna ukwanela kumajini amancane, kodwa kubalulekile esimeni sempilo yakho. Ukuze wehlise unckudingeka ukuthi ube nohlelo. Ukulwa nokukhuluphala kubandakanya ukushindlela ophila ngayo, ukukhetha ukudla okunempilo nokuhlala unyakaza njalo!
Izitadi zikhombisa ukuthi ukudla ibhulakufesi eliphelele enye yezinto ezinhle kakhuluongayenza uma ufuna ukulahla amakhilo ambalwa. Nanka amathiphu okugwema ukukhuluphala nokuhlala uqinile unyaka wonke, kodwa kakhulukazi ngezikhathi zamaholide.
Nciphisa ukudla inyama ebomvu bese udla inkukhu noma inhlanzi eningi.
Grila noma bhaka ukudla kwakho.
Phuza amanzi esikhundleni seziphuzo ezinoshukela omningi. Nciphisa futhi ekuphuzeni utshwala.
Sebenzisa ibhotela ne/noma imajarini kancane.
Gwema ukudla okuthoswe emafutheni kwasemarestorenti.
Abanye abantu bakholelwa ukuthi akufanele badle uma bezama ukwehlisa isisindo, kodwa lena inganekwane nje. Ngokwezitadi ekwehliseni isisindo, ngenkathi udla kaningi, ingenkathi Indlela okwakhiwa ngayo umzimba wakho ngokudliwayo(metabolism) kwenzeka khona ngokushesha. Enye indlela yokunyusa ireythi yemethabholizimu ukuthi udle kancane, ukudla kaningi kanye namasnekhi anempilo (njengamakinati, izithelo noma amaveji) uma ulambile noma uzizwa unokulamba.
Isinyathelo sokuqala sokuthola isisindo sakho esifanele kungaba ukuqonda nge-BMI, lokhu ukukalwa kwamafutha omzimba okugxile ebudeni nasesisindweni.
Ongaphansi kwesisindo = 18.
Isisindo esijwayelekile = 18.
Isisindo eseqile = 25 - 29.
Idayethi ebhalanse kahle efaka okungenani ukuvocavoca umzimba kwemizuzu engama 30-40 kathathu esontweni, kuyisiqalo esihle. Khetha noma imuphi umsebenzi owuthokozelayo, uma nje ukwenza unyakaze.
Sicela ubheke i-Facets yekota 3 ethe xaxa ekuphileni nasekudleni ngendlela enempilo! Lencwajana yezindaba iyatholakala futhi kwiwebhusaythi, www.gems. gov.za, ngolimi lwakho olukhethayo! !
Kusukela ngo 2010, i-Medipost Pharmacy izoba i-DSP ngezihlinzeko zezidingo zemithi yezifo eziqhubekayo zamalunga akwa-GEMS kuzo ZONKE zozinhlanu izinkethi. U-GEMS uyokhokha kuphela u 100% ngamakleymu emithi yokulapha izifo eziqhubekayo evela ohlwini lwemithi evunywe iSkimu (uhlu lwemithi yezifo eziqhubekayo evunyiwe) eqondene nenkethi yakho futhi uma itholwe kwi-DSP, kuncike kwimithetho yeSikimu. Ungakhetha ukusebenzisa noma imuphi umhlinzeki wemithi yokulapha izifo eziqhubekayo kodwa u 30% wenkokhelo okufanele uwukhokhe uyosebenza.
Khumbula ukuthi into ebalulekile ekungeneni ezinzuzweni zakho kwelinye izwe ilele ekuqinisekiseni ukuthi ifomu yekleymu okuyiyo ifika ku-GEMS ngokushesha.
Nanka amanye amathiphu okusingatha amakleymu akho ekudeni.
Uma uhambisa ikleymu uphesheya kwezilwandle, sicela uqinisekise ukuthi ifomu lakho lekleymu Ligcwaliswe ngokuphelele futhi lihlinzeka ngencazelo yemithi yokulapha.
Cishe izigidi eziyi 5.7 zabantu abaphila ne-HIV/AIDS. Inani labo eliningi Abantu besifazane, abanye omama abakhulelwe, abazodlulisela igciwane lesifo ezinganeni zabo ezizelwe. Ngomhlaka 1 Disemba 2009, umhlaba ugubha i-World AIDS Day. Lolu suku olukhethekile lunikelwa ekuqwashiseni umphakathi ngobhubhane lwe-HIV/AIDS.
Ngabe kusho ukuthini ukuncika ngakwezezimali?
Ongaphansi kwakho uncike ngokwezezimali kuwe uma engaholi ngaphezu komholo Wempesheni kuzo zonke izindawo ezimngenisela imali.
Ongaphansi kwakho kufanele futhi athembele ngokuphelele kwilunga ukungena ezinzuzweni nakumshwalense wezokwelapha.
Qiniskisa ukuthi sinenombolo yakho yeselifoni okuyiyo ukuze sikwazi ukukwenza usebenzise la masevisi.
Usungacela manje izinto ezithile njengezitifiketi zentela noma amafomu ngokusebenzisa insiza ewusizo yesevisi yokuzisiza ngokwakho yocingo yamahora angama 24 Ungashintsha futhi inkethi yenzuzo yakho nemininingwane yokuxhumana. Vele udayele u 0860 00 4367 bese ulandela amazwi.
Linda ukufakazelwa kwefeksi, kakhulukazi uma usebenzisa izinsiza zomphakathi. Ukufakazelwa kwefeksi kungubufakazi bokuthi siyitholile ifeksi yakho.
Inombolo yakho yelunga?
Sicela usho inombolo yakho yelunga kukho konke ukuxhumana ne-GEMS - lokhu kwenza sikwazi ukuthola imininingwane yakho okuyiyo ngokushesha.
zokukhulelwa kwakho, ukubeletha nesikhathi esisemva kokubeletha.
